Description
Clever IsiZulu Ibanga 5 Incwadi Kathisha iyenziwe ukuze yesekele uSomqulu Olandisa ngokuhlelwa kabusha kwemfundo owaziwa ngokuthi IsiTatimende seNqubomgomo yoHlelo lweziFundo nokuHlola (i-CAPS). Incwadi kaThisha yehlukaniswe izahluko ezingama-20 njengoba zivela encwadini yomfundi (LB). Lonke ulwazi olutholakala encwadini yomfundi, luyatholakala futhi nasencwadini kaThisha luqondaniswe kahle. Ihlose ukulekelela uthisha ngayo yonke indlela ekwenzeni umsebenzi wakhe wokuqhuba isifundo. Ulwazi olwengeziwe encwadini kaThisha: • Imiphumela • Ukuchushiswa ngendlela yokufundisa • Ukwendlalwa kosizo lwasekilasini • AmaRubhrikhi afakiwe ukwelekelela uthisha ekuhloleni umsebenzi okhiqizwe umfundi. • Umqulu wamaCAPS ubaluliwe njengomthombo wolwazi osetshenzisiwe. • Izibonelo ezengeziwe • Izinsiza ezengeziwe ekilasini • Usizo lwamathebula namaposta • Izimpendulo • Ulwazi, amakhono, amagugu kanye nendlela yokubuka izinto Le ncwadi ihambisana nalezi: • Incwadi Yomfundi • Incwadi Yokufunda Le ncwadi inikeza konke okudingwa uthisha kanye nabafundi ekufundisweni nasekufundeni isiZulu ebangeni loku-6!
Reviews
There are no reviews yet.